Le Virus isizoba isicefe serious
umuntu akasakwazi ukuthenga
ne Grocery...
waphuma nje endlini uyashawa
kanti vele bafunani
kuthiwa asiyeke ukushaya abesimame kodwa abomthetho abasakhethi sebededela kwasan ngempama
iphara awuliboni ngisho escrap yard...
sure case la likhona liyafa ukuqaleka
umuntu usezophila impilo yokbaleka
ngisho ongenacala Naye uzobaleka
asiyekwe siphile izimpilo zethu ngiyacela
Mina sengizwelana noMama odayisa etafulen onga kwazi nokuzikhulumela
ohh mama ngyakuzwela
ngempela
siyobulawa amasosha sigcina sesilele
ema mortuary
yaphela Imali emzansi kuthengwa o curry
sekushawa nobhuti bezihambela ngezinkari
wavula icala uzozithola esibhedlela ungazi nokuthi ufike kanjan
ewww safa emzansi
Safa saphela emhlabeni
sithi siphephile kanti siphephele ezitheni
impama nje eyodwa uzithola uzithola usudumbe ebsweni
uzibuza ukuthi kaze uzovuka yini ekseni
ulala uwavulile embheden
uyazibuza ukuthi ngishawa nje ngibhedephi
kodwa kulungile sonke siyophelela ethuneni
Sekuphoqeleke ukuthi sibe nama Sanitizer
ngangingazi notshwala buyazi geza nezandla
Ake sicabangele ngabafundi
esani isikole uma uhhulumeni engafuni
sengisho phela ukuthi kufundwe
Biningi ubugebengu obenzeka ngaphandle
imigulukudu iyazenzela ngaphandle sekushawa ongekho kubo abomthetho bagade abangaphandle
©wandile
W