Hamba zinhle iphulile umoya wam
Mina nawe besithandana kubuka izwe lonke ngisho nezingane ezincane zafunda incazelo yothando ngathi.
Hamba zinhle iphulile umoya wam
Mina sengisaba nokuncoma izinto ezinhle ngithi zinhle ngenca yokuthi ngizophimisa igama lakho ngomlomo wani bese thunukala amanxeba engithi Kade waphola
Hamba zinhle iphulile umoya wam bengicabanga ukuthi mina nawe sohlukaniswa ukufa sithandane nangale ngaphasheya kwethuna sibe isibonelo esihle ku Adam naku Eva kodwa wena wayiphula inhliziyo yami
Masekufe inhliziyo nomzimba uyafa
Hamba zinhle iphulile umoya wam waphula ne nhliziyo yami
©
M