W

Mama

Mina ngizithandela Umama
Abanye bathi UMaDladla
UMadladla ungithwale for nine months..
ngijabulela ukuthi ungikhulise ngothando kanye no Baba
Mina ngizithandela uMama
ngimthanda uma esezothi nguNuh
mhlampe iyonanto iyadala ukuthi ngimthande kakhulu
iyikho int'mnandi njengokukhula ngaphansi kwesandla esinothand"
angazi noma ngingathi nginamanga uma ngithi ngingamfela...phela lokho ngingakwenza ngoba uyena osenhlizweni yami kphela
Mina ngizithandela uMama
lenkondlo ngiyibhalele uMah
bengithi angimubonge ngakho konke asengenzele khon empilwen yami
angazi mhla ngashiwa uwena emhlaben ngiyomutholaphi ofana nawe...
phela wena ungunkulunkul wami Lana emhlaben akekho ofana nawe...
ngizithandela uMadladla Mina akekho umonye...
Mina Ngizithandela uMama
Konke ok'dinga wena uzokuthola kimi
akekho oyothatha indawo kimi
uyohlezi uyindlovukazi kimi
sengiphelelwa amazwi angsazi ngithin...
Mama oyidlalile indima yaMama kimina noDadewethu
nathi siyaziqhenya uma sithi unguMah wethu...
ngizosho ukuthi uyohlezi unendawo ezinhlizweni zethu...
Mina ngizithandela uMama
UBaba waba yindoda emadodeni wakhetha uMah...
phela uMah ungoKhethiweyo ngoba enhlizwen yababa useKhethiwe...
Mina ngyafisa ukuba noNkosikazi uyongiphatha ngalendlela ubaba aphatheka ngayo...
Mama ngithi qhubeka uhambe ngalendlela ohamba ngayo
yonke into izokukhanyela ozothi ngasho...
Mina ngizithandela uMama

ezinye izingane ziyakhala
zithi onjena uMama ngimthathaphi
ezinye zingidlela umona
angazi nami ngenzan kuzona
mhlampe nami kukhona okubi
engakwenza kuzona
Ngibonga nje ukuthi uMama no Baba
basondla.....
Mina ngizithandela uMama
Mihla namalanga ngizibuza
ukuthi yindaba Mina no dadewethu
sinenhlanhla engaka ..
ngaphinde ngakhumbula ukuthi
Thina Sizalwa nguNonhlanhla
uthandiwe kumina Madladla wam
Mina ngizithandela uMama
Mina ngizokhuluma ngokuhle
okunye ngikushiya ezandleni yaNkulunkul...
okubi ngifisa kuhambe nezikhukhul
Mina ngeke ngiyeke ukukuthanda selingamane liwe licoshwe izinkukhu
phela uthando engnalo ngawe lukhulu
intokozo yakho isho lukhulu
Mina ngithanda uNuh
Mina ngizithandela uMama
ng'thanda yena kuphela ang'funi ukuqamba amanga
inhliziyo yami ngiyizwa sengathi iyaqaqamba Mangicabanga ngay'
Mina ngizithandela uMama
zikhathi zonke ngizibuza ukuthi
Kaze Nami ngiyomuletha yini onjena uMama emagcekeni akwaKhathi
Mhlampe nami ngizomuletha ekuhamben kwesikhathi
umangase ngimthole ngiyomemeza ngithi nginenhlanhla...
Mina ngizithandela uMama
ngalenkodlo....empilwen yakho uyohlezi unentokozo
Mina ngizithandela uMama UMadladla!!!!
©wandile