K

Thatha naku... Izwi washunyayezwa kusukela mzukwana Izindaba namaciko zaziloku…

Thatha naku...

Izwi washunyayezwa kusukela mzukwana

Izindaba namaciko zaziloku zigeleza

Kuhle kwezithukuthuku zikamzala okhathalela ikusasa lakhe

Ingani konke lokhu kwakuyilothando olwalusenhliziyweni yami

Olwalubhekiswe kusimakade

Phela wena awisangthandi

Thatha la

Thatha naku okushiwo nguSmakade ke kimi ngempilo yami nasenhliziyweni yami

Mamela !

Uthi ke ngyakukhumbula ukuzinikela kwakho ebusheni bakho

Wena wawungthanda kakhulu ebusheni bakho

Ingani wawungilandela kulo lonke ihlane elingakalinywa lutho

Phela wena awisangthandi

Ahaa

kodwa ke manje awsangthandi

Njengoba wawungthanda kusukela ngsavela ngezambulo

Ingani phela wena awsangthandi

Kodwa ke mine nawe sehlukana ekutheni wena awusangthandi..

empeleni sengiyabona wena awsangthandi

Awsangthandi!

Awsangthandi!

Heee awsangthandi!

Awsangthandi njengoba bewungtsanda ekuqaleni

Ingani sengiyabona iskhathi sakho nami sesincane

Siyaye ukhohlwe nokuthi nami ngyasidinga iskhathi nawe

Awsangthandi!

Usuvuka manje ekuseni ubheke icingo lakho

Ungakabuki ukuthi ingabe mine nawe sisaphathene kahle yini othandweni lethu

Empeleni mine nawe sisathandana yini vele ?

Hhayi no !

Phela wena awsangthandi

Ingani manje wena uza kimi nasongenalutho

Uza kimi ngoba manje usuhluphekile

Uza kimi ngoba khona okufunayo

Hhayi kuthi uze kimi ngoba uzofuna mine

Cha empeleni awsangthandi !

Awsangthandi !

Awsangthandi !


© Shakes Zerocool_354
•"It is important to build a relationship with your God..."