Ngahlal ethembeni owanginika lona
mhla sihlezi sizincokolela phasi kwemthunzi
wemkhukhu waka hulume.
Wena wawuthe uzakuba nami
kukuhle nome kumuncu
Washo nokuthi bazolahla bantu
ithemba lami ulibuyise,
Bazoyiphul'inhliziyo yami uyilungise
kodwa nyalo zijikil izinto
ngoba angina nheee !
kani wawusho luphi uthando?
ngoba uthando alithengwa ngegolide nesiliva
alithengwa nango peni lomnyama khwishi.
wena wawusho uthando olunjani ngabe?
Aw kudela owaziyo impela.
Bahlezi besho abazali bami
kuthi ngingabokholwa ngikho konke engikuzwayo
kepha ngangabakholwa nabo
kodwa sengiyakholwa kuthi ungabokholwa
ngiyo yonke into engizwavayo.
Ngyalazi izwi lendod'engenamali alizwakali
Kodwa ngyakthanda ntombazana
Ngicela ubekezele nje
Ngicela uhlale nami kutaze kulunge
futhi kuzawulunga shengathi azange sekube muncu.
Ibhalwe : MTHOBISI SITOE
©mthobisi
M